Pageviews past week

Monday, January 31, 2011

Nelson Mandela Senguyena uJesu

Nizwile yini, Bakithi? Sekushiwo phela futhi kwacaca ukuthi uJesu waseNingizimu Afrika ngubani njengokuchaza kwephepha lesiNgisi njengoba nawe ungazibonela uma UCINDEZELA LAPHA. (Futhi uma ufuna ukwazi kabanzi ngaloludaba ngalo belu ulimi lukaJoji, CINDEZELA LAPHA).


Ngisho noMbhishopi omkhulu uDesmond Mpilo Tutu lona wangakuboloJesu-WaseNazaretha-Qunu ngokobuhlanga uthule cwaka ngalokhu kanti zolo lokhu, uMongameli wethu uJacob Zuma kwathi abamudle bamfele abefundisi bobuKrestu ebeka-nje umbono wakhe nami futhi engiwesekayo ukuthi KUYOZE KUBUYE UJESU WASENAZARETHA UKHONGOLOSE EBUSA ESOUTH AFRICA.


Bakithi, Make siyeke ukwenza izinto ngokobuhlanga. Uma kungafanele ukuthi umuntu onguMzulu alulaze igama likaJesu; akufanele abantu abangabaThembu noma bengaba yisiphi isizwe bona bavunyelwe ukululaza igama leNkosi uJesu! Kwalona leliphepha elishicilele lembuqe (ngeSixhosa) belicabangeni?


Mandela wansondo lona osebizwa ngoJesu akaguli-nje ubangwa nezibi futhi sekuseduze abhekane nesihogo noma ayekwalasha uma izono zakhe engakazilungisi noMdali wakhe, ikakhulukazi lemiphefumulo eyizinkulungwane eyakhishwa ngegama lakhe kwezombangazwe KwaZulu-Natal.  Uyoya kuphela ezulwini noma eParadesi uma ewushiya umhlaba eselungise indlela yakhe noJesu, usho uMbhalo.


Nina-ke esenimbiza ngoJesu WaseQunu ekanti eZulwini kukhona uJesu WaseNazaretha, nicabanga ukuthi uJesu lowaseNazaretha uyomvumela yini ahlale naye eParadesi likaYise uNkulunkulu uma Jesu-Qunu ndisni esezishaya uJesu NEMBE-2?  Nake nazibonaphi izinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa?
Uma nazi kahle kamhlophe ukuthi aziphelelanga lapho kinina, wayekeni amanzi amponjwana.  Uma nazi ukuthi aziphelelanga futhi aniwayekanga amanzi amponjwana, yekani ukubhala niphuzile bafowethu nodadewthu ngiyanincenga.  Uma nazi ukuthi aziphelelanga kanti nidakwa nayilobu bokubanjelwa maqedane nifune ukubhala, BHALANI NGABO UTSHWALA LOBO BENU KEPHA NINGABHALI NGEPOLITIKI KAKHONGOLOSE OMDALA NGISHO KUNALOJESU WENU MBUMBULU...1912!!!


Ingxaki ekhona ngokuthi uNelson Mandela egula engaguli abizwe ngoJesu yikho belu ukuthi namakholwa ayekade ezimisele ngalenkolo yobuKrestu, ayogcina edubile abone ukuthi “ubuKrestu yinkoloze nje yokwenza abantu bathithibale ngapha izwe labo libe lithathwa kabusha ngaMangisi ngendlela yobukoni-simanje kusetshenziswa bona belu oJeswana abancane laba abangaveli nokho naseNazaretha”.


Ningakhohlwa bakithi ukuthi ukusetshenziswa-budedengu kwenkolo abanayo abantu abanyama ukuze kuthathwe izwe labo ngaMaNgisi yinto eyaqala namhlanje iminyaka engama 154 edlule lapho iNgonyama YaMaXhosa (Bayedeeee!) uSarhili aluthwa khona ngamasosha Amangisi ngokusebenzisa inkolo yakhe ukuthi makubhujiswe zonke izinkomo zakwaXhosa kushiswe nezitshalo ngoba phela siyazi ukuthi AmaXhosa endlu yeNkosi uPhalo (hhayi iNkosi yabaThembu eyayingumthengisi eMangisini) yiwona amaqhawe amakhulu kanye noShaka kaSenzangakhona Zulu abevikele iAfrika yethu ukuthi ingathathwa ngaMangisi.


Kuthe lapho eseluthwe ngenkolo yakhe uSarhili emva komhlangano owabanjwa osukuwini olufana nalo lolu esikulo 31 January 154, labhubha izwe likaXhosa ngokusetshenziswa kwentombazanyane uNongqawuse naye owayeluthwe yisosha leNgisi elalizipendile lizenza idlozi lamaXhosa kanti kuyindlela yokuthi umntu omnyama alutheke nje.

Ngokumbiza uJesu engeyena uJesu, ingabe noBaba uMandela senimenza naye uNongqawuse wesibili na?

No comments:

Post a Comment