Pageviews past week

Wednesday, December 29, 2010

IZINYANGA EZIMBILI GONQO NGIKHALE KUWE BABA ZUMA LUTHO IMPENDULO

Baba uZuma! Mongameli weZwe leNingizimu Afrika! Mkhuzi-Omkhulu-Wami eMbuthweni WeZokuvikela









Kunenkolelo kwezokuphathwa kwezwe ukuthi uma umuntu enengxaki yakhe yombelebele nensakavukela okomchilo wesidwaba, impicabadala eyamphatha belu oweNkosi selokhu kwathi nhlo, leyo nkanankana iyaye idambe kuthi dlwe uma-nje eseke wayibika kwabakhulu abanjengawe, Baba Mongameli weNingizimu Afrika!


Angikholwa-ke mina ukuthi lowo mbono nalelothemba abantu balelizwe abanalo ngehhovisi likaMongameli wabo yinkoloze-nje.


Kepha ngikholwa ukuthi uma-nje lowomuntu esekhale kuMongameli usizo lufika qathatha wena owabona OloMhlabeleli Owaphakamisela Amehlo Akhe Ezintabeni!


Lento, Baba, yokuthi thina abantukazana sibhalele oMongameli izincwadi indathane nesivivi uqobo lwaso kepha ncwajana zimbe zingaphendulwa kwakuphendulwa ngaphandle-nje kwencwajana ebhalwe ngumuntu thile ongeyena uMongameli wezwe kepha engumongameli wamapakla esisu sakhe esibomvana ngoba esebenza duze noMongameli wezwe esho ngesiNgisana ("we have received we acknowledge") kuphelele lapho, kwakungumkhuba-nje ongcolile kaMnumzane uThabo Mvuyelwa Mbeki, naye enziwa ukuthi lezizigilamkhuba ezicindezele uGoodman Manyanya Phiri ngoba-nje engeyena uMthembu kaMandela noma umuntu obuya eMpumalanga Koloni lapho phela ngokobuningi bevela khona labacwasi ngokobuhlanga abaholwa ngu Mama uLindiwe Nonceba Sisulu kulezinsuku.


Phela, uMnumzane uMbeki wayazi kamhlophe ukuthi umgogodla wokuphatha kwakhe ilizwe wawuqiniswe yibo ubuhlanga lobu baseKoloni laBaThembu, bese kuthi thina abanye abantu baseNingizimu Afrika sibonwe njengabantu abanamakhanda angathathi kahle uma sikhala ngokucindezelwa ngaBaThembu bakaMandela nezinye izizwe zaseMpumalanga Koloni zelekelelana naMangisi lapha eMbhuthweni Wezokuvikela Izwe.


Uphi-pho, namhlanje uMbeki wansondo? BAMKHIPHILE NGESIDLOZANE ABANTU BASENINGIZIMU AFRIKA NGOBA BENGAWUFUNI UMKHUBA WOBUHLANGA OKWATHI UMQAMBI KAKHONGOLOSE, UBABA UPIXLEY KA-ISAKA SEME INDABA YAWO WAYIBEKA NGOKUTHE BHA NJENGESISEKELO SOKUBUMBA UBUNYE BAMAAFRIKA NGAPHANSI KWE-AFRICAN NATIONAL CONGRESS YABANTU BASENINGIZIMU AFRIKA!


Siyazi, nokho, Baba uNxamalala ukuthi ukuthi kukhona umdodovu nencelebana enkulu yaMaNgisi ezishaya sengathi yiyona engumqambi weANC: kepha asinandaba nalokho ngoba iqiniso ngoSeme siyalazi.


Ngiyakucela-ke, Msholozi: ukuthi mawungathathi umkhuba omubi owawenziwa nguThabo Mbeki... ngithi lapho ngikubhalele incwadi yokuthi ngicela ukhulume phela noLindiwe Sisulu anginike imali yokukhokhela abameli bami eNkantolo eNkulu njengoba nawe Baba wawukhokhelwa nguMbuso leyomali ngenkathi wethweswe amacala okweba imali nokukhwabanisa, bese wena Msholozi uwuhlaba enhlalini uwuhlab' esiqundwini-nje ngoPhiri ngoba usufakana amathe nalabo kade bekucindezele ekuqaleni.  KUYOKUPHELELA, BABA, FUTHI MINA ANGIFUNI NGIBE YISIQALEKISO KUWE NJENGOBA NGIZALWA NGAMAKHOSI MINA FUTHI AKEKHO ODLALA NGAMI MAQEDANE ASINDE!


Baba uZuma! Nxamalala! NGIYAYIDINGA NGOKUKHULU UKUSHESHA LE-R300,000 ANGIKWELETA YONA UMAMA ULINDIWE SISULU, FUTHI NGIYIFUNA NJENGOBA KUZOQALA U-JANUWARI UKUZE NGIPHONSELE INSELELE LELIJAJI USOUTHWOOD ELIYE LAVUNA ULINDIWE SISULU NGO-NOVEMBA 10 2010 FUTHI LIMVUNA NGAPHANDLE KOKUBHEKA AMAPHUZU LILOKHU-NJE LIBHEKE UKUTHI UMKHULU KA-MAMA ULINDIWE SISULU LINGISI-NJE ELIFANA NAJAJI LANSONDO.


Musa-ke, Baba, ukuzithola ufakana amathe nabenzi bobutha obudala kumaAfrika (ukucwasana ngokobuhlanga okuyinto ayelwa nayo uMqambi weANC uSeme), kuthengiswe ngoPhiri ngoba kuyoba buhlungu uma izinduku sezibuya!


I-ANC ayikubekanga, Baba, kulesikhundla okuso ukuthi kuphele-nje amacala akho, neze!


Kepha ikubekele ukuthi usize isizwe sonke sixazulule izinkinga zokucwaswa njengoba ngecwaswe iminyaka engamashumi amabili namuhla ngaBaThembu bakaMandela behlangene naBeLungu.


Ngiyakucela, Baba, ngiyakunxusa: makwande ukusebenza kunciphe amagama, futhi mina ngingethande ukucagulisana ngamagama nomuntu omkhulu nomdala njengawe, kepha ngiyobe ngenza iphutha elikhulu uma ngithula kepha ngibona ukuthi sengathi nawe wenza nse okwakwenziwa nguMnumzane uThbo Mbeki: UNGIKHAPHELA EZITHENI ZAMI OSISULU NGOBA ZONA ZINGABANGANI KUWENA.

Shwele, Baba uZuma!  Ake kunciphe amandla okuphatha izwe kwande uthando!  Phela bonke abanamandla bayathotshiwa---uyasho noMbhalo---uma bengafuni ukuthobela umthethosisekelo wezwe lethu iNingizimu Afrika!


Amalungelo ashicilelwe kuMthethosisekelo awabandlululi umuntu omkhulu uZuma komncane uPhiri.  Lokho kusasho khona belu ukuthi inqobo-nje uma uMsholozi wayekhokhelwa imali yabameli evikela icala lokwekhwabanisa ezivikela enkantolo enkulu, kanjalo noPhiri imfanele leyomali njengoba egqigqiswa nguLindiwe Sisulu ezinkantolo ezinkulu imihla namalanga  Ngakho-ke, ake sibheke uMthethosisekelo, Nxamalala, siyeke izindaba zobungani bukaZuma noMandela noma ubutha bukaPhiri noSisulu. Lenhlangano ephethe iNingizimu Afrika... uKhongolose phela... yindala kunathi sonke futhi idlozi layo, yize linganakwa-nje ngogumbelakwesabo abafisa ukushintsha umlando walelizwe bawunike AbaThembu bakaMandela nalaMangisi asaxhaphaza umnotho wethu ngisho nanamhlanje.


Idlozi le-African National Congress ngu

Sinono kaKhuwana!
USibhudubhudu esinamawala!
Mahlal'ehlomile emizini yamadoda!
Isiphepho esiyinqaba esiza kabi siyakhandanisa!
Abanezingane mabazitshathe emahlombe kuthi abadala bazozibonela!

Isinyakuzane saseNgulane!
Nkunzana engumbhuqwana!
Ehlupha amajaji ekhothi!

Ngikhuluma ngaye phela uPixley ka-Isaka Seme, umqambi we-ANC


SENGIPHETHA, NGICELA UXOLO, BABA, NXAMALALA, UMA ULIMI LUPHAPHALAZILE. Kepha awozifaka nawe esithombeni engikuso: Selokhu ngabuya emzabalazweni ngihlushwa yisizwe-nje esisodwa saBaThembu esifuna ukungixosha emsebenzi ngamanga-nje aluhlaza sincediswa ngabeLungu abangaMaNgisi kwi SANDF.

Wawungenzenjani wena Baba uyimina?